Mathewu 28:8-10

Mathewu 28:8-10 CZB24

Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye. UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.