Mathewu 27:45-54

Mathewu 27:45-54 CZB24

Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo