NgokukaMathewu 27:45-54

NgokukaMathewu 27:45-54 ZUL20

Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo