Mathewu 27:1-61

Mathewu 27:1-61 CZB24

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi. Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena. Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa. Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi. Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni. Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli; yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele. UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena. Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. UPilatu wasesithi kuye: Kawuzwa yini ukuthi zingaki izinto abazifakaza ngawe? Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo. Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu? Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba. UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni. Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni. Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina. Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. Khona wabakhululela uBaraba; Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu. Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda! Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni. Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe. Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi. Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe; Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami. Bahlala phansi bamlinda khona; Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo. Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. Yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 27:1-61