NgokukaMathewu 27:1-61

NgokukaMathewu 27:1-61 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi. Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena. Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa. Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi. Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni. Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli; yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele. UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena. Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. UPilatu wasesithi kuye: Kawuzwa yini ukuthi zingaki izinto abazifakaza ngawe? Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo. Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu? Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba. UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni. Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni. Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina. Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. Khona wabakhululela uBaraba; Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu. Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda! Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni. Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe. Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi. Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe; Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami. Bahlala phansi bamlinda khona; Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo. Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. Yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna.

NgokukaMathewu 27:1-61 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi. Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena. Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa. Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi. Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni. Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli; yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele. UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena. Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. UPilatu wasesithi kuye: Kawuzwa yini ukuthi zingaki izinto abazifakaza ngawe? Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo. Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu? Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba. UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni. Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni. Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina. Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. Khona wabakhululela uBaraba; Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu. Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda! Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni. Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe. Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi. Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe; Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami. Bahlala phansi bamlinda khona; Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo. Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna.

NgokukaMathewu 27:1-61 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu. Bambopha, bahamba naye, bamnikela kuPilatu, umbusi. Kuthe uJuda owayemkhaphelile ebona ukuthi icala limlahlile, wazisola, wayesezibuyisela kubaphristi namalunga izinhlamvu zesiliva ezigama-30, wathi: “Ngonile ngakhaphela ongenacala.” Bona bathi: “Pho uthi asenzeni thina? Zibonele wena.” Waziphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva, wahamba; esehambile, wazikhunga. Kepha abaphristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuba zifakwe emnikelweni, ngokuba ziyimali yegazi.” Bakha icebo, base bethenga ngazo insimu yombumbi, yaba yindawo yokungcwaba abafokazi. Yingakho-ke leyo nsimu kuthiwa yinsimu yegazi kuze kube namuhla. Ngakho-ke kwagcwaliseka okwashiwo ngomphrofethi uJeremiya, ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingama-30, inani elamiswa ngabakwa-Israyeli lokuthengiselana. Bathenga ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.” Ngaleso sikhathi uJesu wayemi phambi kombusi, umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga. Kepha uPilatu wathi kuye: “Awukuzwa yini ukuthi kungakanani abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu akazange amphendule nangelilodwa izwi, umbusi wamangala kakhulu. Kwakuthi njalo ngomkhosi, umbusi akhululele isixuku isiboshwa sibe sinye esisithandayo. Ngaleso sikhathi kwakukhona isiboshwa esiluhlupho okwakuthiwa uJesu Bharabha. Ngakho-ke sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nifuna ukuba nginikhululele bani uJesu onguBharabha, noma uJesu okuthiwa nguKhristu na?” UPilatu wayazi ukuthi uJesu bamnikele ngenxa yomona. Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.” Kepha abaphristi abakhulu namalunga bazinxenxa izixuku ukuba zicele uBharabha, kodwa zimbulale uJesu. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?” Bathi: “UBharabha.” UPilatu wathi: “Pho ngenzenjani ngoJesu okuthiwa nguKhristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe.” Kepha uPilatu wathi: “Bubi buni abenzile na?” Kepha bamemeza kakhulu kunakuqala, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni!” Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.” Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” UPilatu wayesebakhululela uBharabha, kodwa eseshayiwe uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. Amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, ayeseqoqela kuye iviyo lonke lamabutho. Amhlubula izingubo zakhe, amembathisa ingubo ebomvu, eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Esembhinqile, amkhumula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, ahamba naye ayombethela esiphambanweni. Kuthe amabutho esaphuma lapho, ahlangana nomuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amphoqa ukuba athwale isiphambano sikaJesu. Esefike endaweni okuthiwa yiGolgotha, okusho iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza. Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho, ayesehlala lapho, amqapha. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala ayethweswe lona, kubhalwe kwathiwa: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwakubethelwe kanye naye abaphangi ababili; omunye engakwesokunene, omunye engakwesokhohlo. Ababedlula bamhlambalaza, benikina amakhanda abo, bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa Yena. Uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni; sizakukholwa nguye. Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo. Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi, ababemi buqamama, bebukela: babekadebemlandela uJesu, bevela eGalile, bemkhonza. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, naye wayengumfundi kaJesu; waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wayalela ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni enhle ehlanzekileyo; wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behleli phambi kwethuna.

NgokukaMathewu 27:1-61 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi. Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.” Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.” Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka. Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.” Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi. Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli; bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.” Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu. Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda. Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?” Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.” Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?” Bathi: “UBaraba.” UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.” Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.” UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.” Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe. Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni. Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza. Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; ahlala amlinda khona. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo. Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.