Mathewu 27

27
Mathewu 27
1Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;
2Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi.
3Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga;
4esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.
5Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa.
6Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi.
7Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni.
8Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla.
9Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli;
10yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele.
11UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena.
12Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho.
13UPilatu wasesithi kuye: Kawuzwa yini ukuthi zingaki izinto abazifakaza ngawe?
14Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi.
15Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo.
16Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi.
17Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu?
18Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.
19Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.
20Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
21Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba.
22UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni.
23Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni.
24Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.
25Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.
26Khona wabakhululela uBaraba;
27Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho.
28Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu.
29Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda!
30Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda.
31Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
32Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe.
33Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi.
34Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe;
35Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami.
36Bahlala phansi bamlinda khona;
37Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA.
38Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.
39Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo.
40bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.
41Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi:
42Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa.
43Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu.
44Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo.
45Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
46Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
47Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya.
48Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa.
49Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa.
50UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya.
51Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
52Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;
53baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
54Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.
55Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza;
56phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
57Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu.
58yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe.
59Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo.
60Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka.
61Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna.
62Kwathi ngangomuso, olulandela usuku lokulungisela, abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu;
63besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka.
64Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo;
65UPilatu wathi kubo: Ninabalindi;
66Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 27: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo