Mathewu 27:1-10

Mathewu 27:1-10 CZB24

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi. Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena. Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa. Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi. Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni. Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli; yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 27:1-10