NgokukaMathewu 27:1-10

NgokukaMathewu 27:1-10 ZUL59

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi. Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.” Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.” Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka. Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.” Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi. Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli; bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 27:1-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo