Mathewu 26:57-75

Mathewu 26:57-75 CZB24

Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. Besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 26:57-75

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo