NgokukaMathewu 26:57-75

NgokukaMathewu 26:57-75 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?” Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.” Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.” Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:57-75 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:57-75 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Labo ababembambile uJesu bamyisa kuKhayifase, umphristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona izazimthetho namalunga. Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale. Kepha ababutholanga, nakuba kwase kufike ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umphristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli ngalutho kulokhu abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza. Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, abanye bammukula, bathi: “Siphrofethele, Khristu; ngubani okushayileyo na?” UPhethro wayehleli phandle egcekeni, enye yamantombazane yeza kuye, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Esephumile esangweni, enye intombazane yambona, yathi kwababelapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Wafunga wagomela ephika futhi, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.” UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude. UPhethro wayesekhumbula izwi abelishilo uJesu, lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakube usungiphike kathathu.” Waphumela ngaphandle, wakhala kalusizi.

NgokukaMathewu 26:57-75 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. Besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.