Mathewu 26:50-56

Mathewu 26:50-56 CZB24

UJesu wathi kuye: “Mngane, uze ngani na? Base besondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wagalela inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo? Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga. Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 26:50-56