NgokukaMathewu 26:50-56
NgokukaMathewu 26:50-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?” Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na? Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?” Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
NgokukaMathewu 26:50-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu wathi kuye: “Mngane, uze ngani na? Base besondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wagalela inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo? Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga. Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
NgokukaMathewu 26:50-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 26:50-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wayesethi kuye: “Mngani, yenza lokho oze ngakho.” Base besondela, bambamba uJesu. Omunye walabo ababenoJesu wagqashula inkemba yakhe, wagenca inceku yomphristi omkhulu, wanquma indlebe yayo. UJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho emgodleni wayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na? Pho-ke ingafezeka kanjani imibhalo ethi kufanele ukuba kwenzeke kanjalo na?” Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.