Mathewu 26:26-29

Mathewu 26:26-29 CZB24

Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 26:26-29