NgokukaMathewu 26:26-29
NgokukaMathewu 26:26-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.
NgokukaMathewu 26:26-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.” Wayesethatha indebe, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani kuyo, nina nonke; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani, sisisha, embusweni kaBaba.”
NgokukaMathewu 26:26-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”
NgokukaMathewu 26:26-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)