Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”
Funda NgokukaMathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 26:26-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo