Mathewu 24:36-41

Mathewu 24:36-41 CZB24

Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe.

Video for Mathewu 24:36-41

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 24:36-41