NgokukaMathewu 24:36-41

NgokukaMathewu 24:36-41 ZUL59

“Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 24:36-41

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo