UJesu waphinda wakhuluma kubo ngemifanekiso, wathi. Umbuso wezulu ufana nenkosi ethile, eyayenzela indodana yayo umshado; Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza. Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile isidlo sami, izinkabi zami nokukhuluphalisiweyo sekuhlatshiwe, konke sekulungisiwe; Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. Kodwa inkosi yathukuthela yathukuthela, yasithuma amabutho ayo, abhubhisa labobabulali, atshisa umuzi wabo. Khona yathi ezincekwini zayo: “Umshado usulungile, kepha abamenyiweyo bebengafanele. Ngakho hambani niye ezindleleni, nibizele emshadweni bonke eningabafumana; Lezozinceku zaphuma zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; umshado wagcwala abahlezi ekudleni.
Funda Mathewu 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 22:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo