UJesu wabuye wakhuluma kubo ngemizekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza. “Wabuye wathumela ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo, nithi: sengilungise ukudla kwami; izinkabi zami nezinkomo zami ezikhulupheleyo sezihlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ ” “Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona. Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, bazihlukumeza, bazibulala. Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo. “Yayisithi ezincekwini zayo: ‘Idili lomshado selilungisiwe, kepha ababemenyiwe bebengafanele, ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’ “Lezo zinceku zaphuma, zaya emigwaqweni, zaqoqa bonke ezabafumanayo, ababi nabahle. Indlu yomshado yagcwala phama ababemenyiwe.
Funda NgokukaMathewu 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 22:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo