Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani; Kwamlandela izixuku eziningi; wabaphulukisa khona. AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu? Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na? Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. Basebesithi kuye: Pho, uMozisi walayelani ukunika incwadi yesehlukaniso, lokumala? Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo. Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; Abafundi bakhe bathi kuye: Uba injalo indaba yendoda lomkayo, akukuhle ukuganwa. Kepha wathi kubo: “Bonke abanakulamukela leli zwi, kuphela abalinikiweyo. Ngokuba kukhona abathenwa, abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa, abathenwa ngabantu; Lowo okwaziyo ukuwemukela, makawemukele. Kwase kulethwa kuye abantwana abancane ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; abafundi babakhuza. Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. Wabeka izandla phezu kwabo, wamuka lapho.
Funda Mathewu 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 19:1-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo