NgokukaMathewu 19:1-15

NgokukaMathewu 19:1-15 ZUL20

Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma lawo mazwi, wasuka eGalile, waya emingceleni eJudiya, phesheya kweJordani. Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na? Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.” Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?” UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni. Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.” Abafundi bathi kuye: “Uma injalo-ke indaba yendoda nomkayo, kungcono ukungaganwa.” Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli lizwi, kuphela labo abakunikiweyo. Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.” Kwase kulethwa kuye abantwana ukuze abeke izandla phezu kwabo, abakhulekele, kodwa abafundi babakhuza. Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” Wayesebeka izandla phezu kwabo, qede wasuka lapho.

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 19:1-15