Mathewu 18:1-6

Mathewu 18:1-6 CZB24

Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na? UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo. Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu. Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 18:1-6