NgokukaMathewu 18:1-6
NgokukaMathewu 18:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na? UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo. Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu. Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.
NgokukaMathewu 18:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” UJesu wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana, nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina. “Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
NgokukaMathewu 18:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
NgokukaMathewu 18:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)