Mathewu 18:1-20

Mathewu 18:1-20 CZB24

Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na? UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo. Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu. Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle. Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso! Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo? Uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini: Uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane. Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe. Uma engasezwa, tshela ibandla; Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini. Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.