Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”
UJesu wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana, nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina.
“Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso! Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Ngokuba kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso elilodwa, kunokuba uphonswe esihongweni somlilo unamehlo omabili. Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”
“Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na? Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile. Kanjalo-ke, akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile. Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.
“Ngiqinisile ngithi kini: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni, kuyobe kuboshiwe ezulwini; nanoma yikuphi eniyakukukhulula emhlabeni, kuyobe kukhululiwe ezulwini.
“Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini.
“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”