Mathewu 16:24-26

Mathewu 16:24-26 CZB24

Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?