Mathewu 14:6-13

Mathewu 14:6-13 CZB24

Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi. Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela. Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe. Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu. UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo