Mathewu 13:31-33

Mathewu 13:31-33 CZB24

Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo. Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.