Mathewu 13:1-9

Mathewu 13:1-9 CZB24

Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle. Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini. Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula; Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Olendlebe zokuzwa makezwe.