Mathewu 12:1-21

Mathewu 12:1-21 CZB24

Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha. Kodwa wathi kubo: Anifundanga yini uDavida akwenzayo mhla elambile yena lababelaye; Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, okwakungavunyelwe yena ukuthi azidle, nalabo ababenaye, kubapristi bodwa? Noma anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala na? Kepha ngithi kini: Kukhona lapha omkhulu kunethempeli. Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga abangenacala. Ngokuba iNdodana yomuntu iyiNkosi yosuku lwesabatha. Esesukile lapho wangena esinagogeni labo. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala. Wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini onemvu eyodwa, kuthi uma iwela emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na? Pho, umuntu udlula imvu kangakanani na? Ngakho kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha. Wasesithi endodeni: Yelula isandla sakho. Wayeseselula; kwasekusindiswa kwaba kuhle njengenye. Base bephuma abaFarisi, benza icebo ngaye lokuba bambhubhise. Kodwa uJesu ekwazi lokho wamuka lapho; amaxuku amakhulu amlandela; Wabayala ukuthi bangamenzi aziwe; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi: Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami; Akayikuphikisana, noma akhale; njalo kakho ozakuzwa ilizwi lakhe emigwaqweni. Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba. Njalo abezizwe bazathembela ebizweni lakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 12:1-21