NgokukaMathewu 12:1-21

NgokukaMathewu 12:1-21 ZUL20

Ngaleso sikhathi uJesu wadabula emasimini kakolo ngosuku lwesabatha. Abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.” Wathi kubo: “Anifundanga yini okwenziwa nguDavide nayehamba nabo mhla elambile, ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zobukhona okungavunyelwe ukuba azidle, kodwa ezidliwa abaphristi kuphela na? Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abaphristi bayona ethempelini, kodwa bangabekwa cala na? Kepha ngithi kini: kukhona lapha okukhulu kunethempeli. Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.” UJesu wasuka lapho, wangena esinagogeni labo. Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele. Ngakho-ke wathi kubo: “Ngubani kini othi enemvu eyodwa, bese iwela emgodini ngesabatha, ongeyibambe, ayikhiphe lapho na? Pho-ke umuntu uyedlula kangakanani imvu? Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye. AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani. Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke. Wabayalisisa ukuba bangakhulumi ngaye, ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi: “Nansi inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami; umphefumulo wami uyathokoza ngaye. Ngiyakufaka uMoya wami kuye, amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe. Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni. Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe. Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 12:1-21