Luka 8:4-15

Luka 8:4-15 CZB24

Kwasekubuthene ixuku elikhulu, leza kuye livela emizini yonke, wakhuluma ngomfanekiso. Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla zayidla. Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama. Enye yawela emeveni; ameva akhula kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini omuhle, yamila, yathela ngekhulu. Esetshilo lezizinto wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe. Abafundi bakhe basebembuza besithi: Ungaba uyini lumfanekiso? Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi. Umfanekiso yilokhu: Imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe. Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa. Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo. Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.

Funda Luka 8