NgokukaLuka 8:4-15

NgokukaLuka 8:4-15 ZUL59

Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi: “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama. Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.” Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi. “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe. Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.