Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi. Kodwa maye kini lina elicebileyo! ngokuba seniyitholile induduzo yenu. Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale. Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.
Funda Luka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 6:20-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo