Kwathi ngesabatha lesibili ngesabatha lokuqala, wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla, bezihlikihla ngezandla. Abanye babaFarisi bathi kubo: “Nenzelani okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha na? UJesu wabaphendula wathi: “Anifundanga yini nalokhu akwenzayo uDavide mhla elambile yena nababe naye; Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa, wadla, wanika nababe naye; okungavunyelwe ukudliwa ngaphandle kwabapristi bodwa? Wasesithi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha. Kwathi futhi ngelinye isabatha wangena esinagogeni, wafundisa; kwakukhona umuntu osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphela ukuthi uyakwelapha ngesabatha; ukuze bathole ukumbeka icala. Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema. UJesu wasesithi kubo: Ngizalibuza ilizwi libe linye; Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? ukusindisa ukuphila, noma ukukubhubhisa? Wasebaqalaza bonke, wathi endodeni: Yelula isandla sakho. Wenze njalo: saphiliswa isandla sakhe, saba njengesinye. Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu.
Funda Luka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 6:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo