Kwathi ngesabatha, uJesu nabafundi bakhe bedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, bazihlikihla ngezandla, bazidla. Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhlazana yena nababenaye belambile, ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zobukhona, okungavunyelwe ukuba zidliwe yinoma ngubani ngaphandle kwabaphristi kuphela, wazidla, wanika nababenaye na?” Wathi kubo: “Indodana yomuntu iyiNkosi yesabatha.” Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene. Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo. Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?” Wabaqalaza bonke qede wathi kuyo: “Yelula isandla sakho.” Yenza kanjalo, isandla sayo saphiliswa. Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
Funda NgokukaLuka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 6:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo