Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini. Kepha bethuka, bethuka, bethi babone ithongo. Wathi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kodwa bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: Lilokudla lapha yini? Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.
Funda Luka 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 24:36-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo