NgokukaLuka 24:36-44

NgokukaLuka 24:36-44 ZUL59

Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”

Ama vidiyo ahlobene nalokhu