Luka 24:13-32

Luka 24:13-32 CZB24

Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. Babexoxa bodwa ngazo zonke lezo zinto ezenzekileyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi. Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na? Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na? Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke; lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni. Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Yebo, nabesifazane abathile bakithi basethusile, abeze ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, beza, bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Abanye babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjengokusho kwabesifazane, kepha yena abambonanga. Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?

Funda Luka 24