NgokukaLuka 24:13-32

NgokukaLuka 24:13-32 ZUL59

Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi. Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.” Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo