Luka 23:26-43

Luka 23:26-43 CZB24

Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. Besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.

Funda Luka 23

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo