NgokukaLuka 23:26-43

NgokukaLuka 23:26-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe besahamba naye uJesu, babamba uSimoni othile waseKhurene, owayevela emakhaya. Bametshathisa isiphambano walandela emuva kukaJesu. Kwakulandela isixuku esikhulu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bekhihla isililo. Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’ Khona “bayakuqala bathi ezintabeni: ‘Welani phezu kwethu,’ nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’ “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakuba njani-ke kowomileyo na?” Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye. Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo. UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho. Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.” Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na? Thina kusifanele, ngokuba sijeziselwa izenzo zethu, kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, uze ungikhumbule uma usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami ePharadisi.”

NgokukaLuka 23:26-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. Besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.

NgokukaLuka 23:26-43 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.

NgokukaLuka 23:26-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’ Khona “ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni: “Welani phezu kwethu,” nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’ “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.” Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye. Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho. Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na? thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo