Luka 22:54-71

Luka 22:54-71 CZB24

Base bemthatha, bamhola, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. Sebebasile umlilo phakathi kwegceke, sebehlezi phansi ndawonye, uPetru wahlala phakathi kwabo. Kepha incekukazi ethile imbona ehlezi emlilweni, yambheka, yathi: “Lona naye ube naye. Wamphika wathi: “Mame, angimazi. Kwathi emva kwesikhatshana omunye wambona wathi: Lawe ungowabo. UPetro wasesithi: Ndoda, kangisuye. Kwathi emva kwehora elilodwa omunye waqinisa, wathi: “Nempela nalo ube naye, ngokuba ungowaseGalile. UPetro wasesithi: Ndoda, kangikwazi okutshoyo. Masinyane, esakhuluma, iqhude lakhala. INkosi yaphenduka, yambheka uPetru. UPetro wasekhumbula ilizwi leNkosi, ukuthi itshilo kuye ukuthi: Iqhude lingakakhali, uzangiphika kathathu. Waphumela phandle uPetru, wakhala kamunyu. Amadoda abebambe uJesu amklolodela, amshaya. Esembozile, amshaya ebusweni, ambuza, athi: “Profetha; ngubani okushayileyo na? Nezinye izinto eziningi zamhlambalaza. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga esizwe nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, bathi: Wena unguKristu na? Sitshele. Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; Futhi noma nginibuza, aniyikungiphendula, futhi aniyikungikhulula. Kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu. Base bethi bonke: “Pho, uyiNdodana kaNkulunkulu na? Wathi kubo: “Nina nisho ukuthi nginguye. Bathi: “Sisabufunelani ubufakazi na? ngoba thina ngokwethu sizwile ngomlomo wakhe.

Funda Luka 22

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 22:54-71

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo