Base bemthatha, bamhola, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. Sebebasile umlilo phakathi kwegceke, sebehlezi phansi ndawonye, uPetru wahlala phakathi kwabo. Kepha incekukazi ethile imbona ehlezi emlilweni, yambheka, yathi: “Lona naye ube naye. Wamphika wathi: “Mame, angimazi. Kwathi emva kwesikhatshana omunye wambona wathi: Lawe ungowabo. UPetro wasesithi: Ndoda, kangisuye. Kwathi emva kwehora elilodwa omunye waqinisa, wathi: “Nempela nalo ube naye, ngokuba ungowaseGalile. UPetro wasesithi: Ndoda, kangikwazi okutshoyo. Masinyane, esakhuluma, iqhude lakhala. INkosi yaphenduka, yambheka uPetru. UPetro wasekhumbula ilizwi leNkosi, ukuthi itshilo kuye ukuthi: Iqhude lingakakhali, uzangiphika kathathu. Waphumela phandle uPetru, wakhala kamunyu.
Funda Luka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 22:54-62
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo