Luka 2:22-38

Luka 2:22-38 CZB24

Kwathi seziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe ngokomthetho kaMose, bamyisa eJerusalema ukuba bamethule phambi kweNkosi; (njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;) nokunikela ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi ukuthi: Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba. Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwambulelwa kuye ngoMoya oNgcwele, ukuthi akayikubona ukufa, engakamboni uKristu weNkosi. Wasengena ethempelini ngoMoya; Wasembamba wamgona, wabonga uNkulunkulu, wathi: Manje, Nkosi, uyayiyeka inceku yakho ihambe ngokuthula njengezwi lakho. Ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho, Owulungisileyo phambi kobuso babantu bonke; ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli. UJosefa nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa; (Yebo, nowakho inkemba iyakudabula umphefumulo wakho), ukuze kwambulwe imicabango yezinhliziyo eziningi. Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe. Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.

Funda Luka 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 2:22-38