NgokukaLuka 2:22-38

NgokukaLuka 2:22-38 ZUL59

Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”, banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.” Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho, wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo – yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.” Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe, engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 2:22-38

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo