Luka 19:12-27

Luka 19:12-27 CZB24

Wathi-ke: “Umuntu othile wobukhosi waya ezweni elikude ukuyozithathela umbuso, abuye. Wabiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina abayishumi, wathi kuzo: ‘Hhwebani ngize ngibuye. Kepha izakhamuzi zakhe zazimzonda, zathuma amanxusa emva kwakhe, zithi: “Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu. Kwathi esebuyile esewamukele umbuso, wayala ukuba kubizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali, ukuze azi ukuthi yilowo nalowo ube zuzile kangakanani ngokuhweba. Yafika eyokuqala, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi. Yathi kuyo: “Kuhle, nceku enhle; ngokuba ubuthembekile kokuncane, yiba namandla phezu kwemizi eyishumi. Yafika neyesibili, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayisihlanu. Wasesithi kuye: Lawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu. Kwasekusiza nenye, yathi: Nkosi, bheka, nangu umina wakho, ebengiwubeke eqhiyeni. Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthatha ongakubekanga, uvune ongakuhlwanyelanga. Wathi kuyo: “Ngizakwahlulela ngokuphuma emlonyeni wakho, nceku embi. Ubuwazi ukuthi ngingumuntu olukhuni, othabatha engingakubekanga, avune engingakuhlwanyelanga; Pho, awufakanga ngani imali yami ebhange, ukuze ekufikeni kwami ngiyibize nenzalo na? Wathi kwababemi khona: “Mthatheleni umina, nimnike onawomina abayishumi. Bathi kuye: Nkosi, unomina abayishumi. Ngokuba ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; lalowo ongelakho, lalokho alakho uzakwemukwa. Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.

Funda Luka 19