Luka 17:20-37

Luka 17:20-37 CZB24

Kwathi ebuzwa ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa. Futhi kabayikusho ukuthi: Khangelani nanku! noma, bheka, lapho! ngoba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. Bazakuthi kini: Khangelani lapha; noma, bheka laphaya: ungawalandeli, ungabalandeli. Ngokuba njengonyazi, onyazima kwenye indawo phansi kwezulu, ukhanyisa kwenye indawo phansi kwezulu; iyakuba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. Kanjalo futhi njengoba kwenzeka emihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo suku, ophezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyithatha; nosentsimini makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLoti. Yilowo nalowo ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; njalo loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe uzayilondoloza. Ngithi kini: Ngalobobusuku kuzakuba khona ababili embhedeni munye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila ndawonye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Amadoda amabili ayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Basebephendula bathi kuye: Kungaphi, Nkosi? Wayesethi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

Funda Luka 17