NgokukaLuka 17:20-37

NgokukaLuka 17:20-37 ZUL20

AbaFarisi bambuza uJesu ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini. Wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki nje ubonwa ngamehlo. Futhi abayukusho, bathi: ‘Bhekani, nanku,’ noma ‘nankuya,’ ngokuba phela umbuso kaNkulunkulu ukini.” Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane. “Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwaba wusuku uNowa angena ngalo emkhunjini; kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. “Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha. Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLothi. Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza. Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili begaya ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?” Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”