Luka 16:13-16

Luka 16:13-16 CZB24

Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona. NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela. Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.

Funda Luka 16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 16:13-16